Umfundi Weziqu Zobudokotela Uyingxenye Yabangama-200 Abasha Abaphezulu eNingizimu AfrikaHealth Sciences

UDkt Yoshan Moodley.UDkt Yoshan Moodley.

Click here for the English version

Umfundi weziqu zobudokotela e-UKZN uDkt Yoshan Moodley ukleliswe ohlwini Lwabasha baseNingizimu Afrika lwephephandaba i-Mail & Guardian oluhlanganisa abangama-200 abaphezulu futhi abaneminyaka engaphansi kwengama-35.

Uhlu lunemikhakha eyi-11,okubalwa nesigaba esibizwa-Rising Stars salabo abasasesikoleni.

UMoodley ukleliswe emkhakheni wezempilo ngenxa yocwaningo lwakhe lohlobo i-perioperative olunesihloko esithi: "HIV and Non-Cardiac Surgery", oluhlose ukuthola umthelela wokutheleleka nge-HIV esigulini esisanda kuhlinzwa.

Lolu hlobo locwaningo lugxile ekunakekelweni kweziguli ezihlinzwayo.

Ucwaningo luka-Moodley luphokophele ekucaciseni ngobungcuphe obubhekana neziguli ezine-HIV uma zihlinzwa, okuzonikeza odokotela imininingo ebalulekile engasetshenziswa ukuze kuthuthukiswe indlela ezinakekelwa ngayo futhi kuncishiswe nezinkinga ezingavela. ‘Imiphumela yocwaningo izokwenza ngcono indlela ekuphethwa ngayo iziguli ezine-HIV ngenkathi zisesesibhedlela,’ kusho u-Moodley.

Waqala ukuba nothando lalolu cwaningo esasebenza njengomsizi wezocwaningo lapho kwakuhlolwa khona izindlela zokwelapha esibhedlela i-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital eThekwini.

Ucwaningo lwakhe mayelana nomthelela womfutho wegazi ophezulu emiphumeleni yezempilo ezigulini ezihlinzwayo lwamzuzela iziqu ze-PhD kwezezibulalimizwa eSikoleni sase-UKZN i-Nelson R Mandela School of Medicine futhi lwahlinzeka nangolwazi olusha ngemithelela eyingozi uma kuhlinzwa iziguli ezinomfutho wegazi ophezulu uma zithatha imishanguzo engama-beta-blockers ngaphambi kokuhlinzwa.

Ngokubambisana nomeluleki wakhe weziqu ze-PhD, uSolwazi Bruce Biccard, wathuthukisa inkomba i-South African Vascular Surgical-Cardiac Risk Index, esetshenziswa ukuhlonza izinga lobu ngcuphe bokumelwa yinhliziyo ezigulini ezihlizwayo. Uphinde wathuthukisa elinye ithuluzi lokuhlonza ubungcuphe elisanda kushicelelwa kujenali yezokwelapha iAmerican Public Health Association.

Kumanje umatasa wenza umsebenzi weziqu zakhe zobudokotela eMnyangweni Wezezibulalimizwa Nezokwelapha Okubucayi futhi ufisa nokufundisa e-UKZN.

Ebuzwa ukuthi kungani akhetha i-UKZN uphendule wathi: ’Ngikhetha i-UKZN ngoba iyisikhungo esisezingeni lomhlaba kwezocwaningo futhi siyabeseka abacwaningi baso abasebasha.’

U-Moodley neqembu lakhe labafundi beziqu zeMastazi manje bagxile ocwaningweni lwezinkinga ezigulini ezihlinzwayo ezine-HIV. ‘Sibheke ukuthi sihlonze ukusabalala kwenkinga nokuqonda izinto ezinomthelela ebungcupheni ezigulini ezinegciwane i-HIV. Sifisa ukuba nomthelela emihlahlandleleni emisha ezoholela ekuphathweni kweziguli ngendlela engcono futhi kunciphise izinga lezinkinga kulezi ziguli.’

Ngesikhathi esasebenza elebhu, u-Moodley-waphothula iziqu zakhe zeMastazi emkhakheni wezokweLapha iMayikhrobhayoloji e-UKZN ngonyaka wezi-2008 – waba nomdlandla omkhulu wokuthola isithombe esigcwele ngokucashe ngaphansi kwesipopolo imayikhroskophu. ‘Bengiyaye ngibone izinto ezizopopolwa elebhu ngizibuze ukuthi ziphumaphi, izifo eziphathelelne nazo nabantu abathintwe yileso sifo. Emkhakheni wocwaningo lwezokelapha awukwazi ukuqonda ngesimo uma usibuka sisodwa- kumele uqonde ngokuxhumana phakathi kwegxenye eziningi.’

Nombuso Dlamini